Ukwelapha impahla engalungile, njalonjalo.
m "isici esingavunyelwe" sichaza into eyingozi ngokwencazelo yemithetho ngaphansi koMthetho woMkhiqizo Osemathinini, Imikhiqizo Yezimonyo Nemithi Ebulala izinambuzane, Umthetho No.
w "umbandela wendawo yokudla ngaphansi koMthetho wezeMpilo" uchaza imibandela evamile yezindawo ezimiselwe ukudla nokuthuthwa kwakho njengoba ishicilelwe kwiSaziso seGazethe No.
izimvu noma izimbuzi eziyisithupha; noma iv izingulube ezine ezincane noma izingulube ezimbili zenyama kabhekeni noma ingulube eyodwa yamasoseshi.
Ngaphambi kokuba amadela akhiwe, kufanele umfanekiso wesakhiwo esihlongozwayo sethulwe kwisiphathimandla sesifundazwe ukuze asihlole bese esemukela.
b yimidwebo ephelele yemifanekiso yesakhiwo sesikhungo, uma kungesona isakhiwo esifana naleso esihlonzwe ku- 21 ngenhla.
b ukuyiposela ekhelini lomnini; noma c ukuyithumela ngesikhahlamezi, i-i-meyili noma ngenye indlela ephuthumayo kumnini, inqobo uma umbhalo wokuqala wethulwe kumnini zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ethunyelwe isaziso.
q uma zingekho izikhungo zokuqandisa kakhulu esimweni sesilwane esilindelwe ukuhlolwa emadeleni, kufanele lezo zikhungo zitholwe kwenye indawo, ngemvume yesiphathimandla sesifundazwe.
zokuhlanza nokubilisa imishini okusetshenzwa ngayo z kufanele kube nendawo yokuhlanza izimoto ezithwala inyama.
gg akuhlinzekwe ngesikhungo sokuhlanza izimoto ezithutha inyama.
k akuhlinzekwe ngezinsiza zokumunca ukulawula umhwamuko.
ivikelwe ngamaqhinga aphambili ekungenweni wubuthi noma ekonakaleni, ubuthi begesi, umhwamuko, yiphunga, intuthu, insizi, izintuli, umswakama, izinambuzane nezinye izinto noma ukuphazamiseka kwesiqu senyama, amakhemikhali noma ngenye indlela ebandakanya ukunukubezeka.
Zonke izindawo ezisegcekeni kufanele zingabi nothuli nodaka.
Akuhlinzekelwe unqenqema lokuhambisa amanzi nezikhukhula.
Amadela kufanele afakwe uhlelo oluvalelekile lokuhambisa amanzi nodoti ukuze ayongena endaweni efanele yamapayipi amanzi angcolile.
Izindawo zezimoto zokulayisha nokwethula endaweni yokuphuma nokungena izimoto kufanele ivikelwe, igcakwe kahle phansi bese ifulelwa ngophahla.
d ukugcineka kwenyama ebanjiwe nokuhlolwa kwayo ngaphandle kokuthelela leyo nyama ephasisiwe.
n yonke imishini, izakhiwo namathuluzi ananyekwe odongeni kufanele aqhele okungenani ngama-50mm.
c akufanele igcotshwe ngamafutha inyama.
iziqabetho ezilondoloza inyama kufanele zihambisane nomgonywana 1, uma iphansi nephezulu lakhiwe laba nezimbobo kufanele lidwetshwe ngendlela yokuthi inyama ayiveli ngezikhala noma ithinte phansi.
Izindlu zangasese nendawo yokuchama kufanele yakhiwe endaweni ehlukile ehlinzekela iminyango engafani evela ezindlini zokushintsha.
zonke izindlu zangasese kufanele zifakwe izitsha zokubeka amaphepha asendlini yangasese, obheseni bokugeza izandla, isitsha esifakwe insipho esaketshezi ebulala amagciwane nezinsiza zokwesula izandla.
izindlu zokushintshela nezangasese akumele zingenele ngqo endaweni noma endlini okugcina kuyo inyama.
abasebenzi kufanele banikwe indawo yokukhiyela izimpahla zabo lapho begcina khona izimpahla zangasese ezingafani nezomsebenzi, lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi izimpahla zangasese nezihlanzekile zomsebenzi azihlangani.
Abasebenzi kufanele bahlinzekwe ngempahla eseceleni evikela izimpukane lapho begcina khona ukudla.
b zigweme ukungenwa wukugqwala namandla okuhlanza ngokubilisa imishini namathuluzi esandla, okungabalwa kuwo amasahha nemimese, kuyohlanzwa ngamanzi ashisa ngama-82°C esikhathini sokuhlinza.
c zibe nembobo engenisayo nechithayo futhi imuncele epayipini elehlisa amanzi ayongena emgodini noma emgudwini ovulekile, amanzi adonswa wumgudu akufanele achithekele phansi endaweni ehanjwa yizimoto.
Noma iyiphi enye indlela yokuhlanza ngokubilisa kufanele ivunywe yisiphathimandla sesifundazwe.
f bafakwe nesitsha esigcina insipho eluketshezi ebulala amagciwane kanjalo nezinsiza zokwesula izandla ngaphandle uma singekho isidingo sokwesula izandla endaweni lapho ukhona ubheseni wokuhlamba izandla.
Amakhabethe okugezela afuneka emadeleni akhiqiza kancane nawomkhiqizo omkhulu kufanele afakwe eduze nezindawo zokusebenzela ukuze akwazi ukuvikela amanzi achitheka ngesikhathi abasebenzi begeza amaphinifa abasebenza ngawo esemzimbeni yabo futhi lamakhabethe kufanele avumele ukugobhoza kwamanzi okungena ngqo emgudwini noma emseleni ofanele wamanzi angcolile.
Amanzi kufanele abe namandla futhi ahambisane okungenani neSigaba II esimiswe kwiQophelo SANS 241 lamanzi afanele ukuphuzwa.
c isondo elilondoloza amapayipi angahlali phansi ngaphandle kwamapayipi asodongeni.
Izinqolobane ezivikela ukweba nezingavuzi eziphelezelwa yizivalo ezivala thaqa nezihambisana nomgomo-14 kufanele zihlinzekelwe ukugcina nokuthutha impahla elahliwe futhi zibhalwe ngokugqamile "AYILUNGILE".
Kufanele kube nezitsha zokulanda nokugcina impahla engalungile nokufanele ilahlwe.
Kufanele kube nesikhungo sokuqoqa nokugcina igazi ngaphambi kokuba lilahlwe.
Isitsha sodoti kufanele sikwazi ukuqoqa udoti ezikhungweni ezehlukene ngaphakathi kwamagceke.
Izindawo okugcinwa kuzo udoti nezitsha zodoti ngaphambi kokuba ususwe kufanele zihlanzeke, zihonqelwe futhi zingabi namanzi bese zivalwe noma zifakwa izivalo ezivaleka thaqa.
g kufanele ikhanyiswe ngokwenele uma izilwane zehliswa ebusuku.
d kufanele ibe namacala angekho ngaphansi ko-1.
m esetsenziselwa ukubeka izilwane ezisolwayo kufanele yakhelwe udonga nesango eliqinile futhi zingamunci zigamanxe kwesinye isibaya noma zidale ingozi yokuthelela ezinye izilwane.
c ukudlwa kwezilwane kufanele kugcinwe endlini yezimpahla evikelwe ezinambuzaneni nemiselwe inhloso yalokhu, uma ukudla kuzogcinwa ngaphakathi emagcekeni.
c 0.50m² ingulube encane, iwundlu noma izinyane.
Izibaya kufanele zifakwe izaziso ezingasuki ezichaza isibalo sohlobo ngalunye olungangena esibayeni noma emkhombeni.
c akufanele ube ngaphansi ko-1.
d kufanele igcinwe kahle ingabi nezinto ezilengayo.
izindawo zokudlela kufanele zigcinwe kahle futhi zingabi nezinto ezilengayo.
kufanele ngendlela egcina indawo ephansi nezivalo zemigodi yamanzi zingasheleli.
indawo edlela izinkomo phakati kwesibaya nalapho zihlatshwa khona kufanele ibe nobubanzi obungekho ngaphezulu ka -0.9 m.
indawo yokudlela kufanele ihlelwe ngendlela efihlekile endaweni yokuhlaba izilwane.
Ingxenye yendawo yokudlela eholela ebhokisini lokuhlaba kufanele ibe nezinhlangothi eziqinile.
d noma iyiphi enye indlela yokunqanda emukelwe yisiphathimandla sesifundazwe.
c esinye isikhali esivunywe yisiphathimandla sezinga likazwelonke.
Imigamu emiselwe indlela yokuhlaba isilwane kufanele ikhonjiswe ezikhalini zokunquma isilwane noma endaweni okunqunyelwa kuyo.
Imishini kumele ihlinzekele ukubopha nokuphakamisa izilwane ezinqunyiwe zilenge kahle ngesikhathi ziconsa igazi.
Kufanele kube nezinto zokuqoqa nokugcina igazi ezitsheni ezivalekile ngaphambi kokuba lisuswe.
a maqondana nokuconsisa igazi ezinkomeni, ukusuka emgibeni uya phansi, ngamamitha angu4.8 kanti umgibe onanyathiselwe ngamamitha angu -4.
b maqondana nezimvu, kusuka emgibeni kuya phansi ngamamitha angu -2.3.
a ukuhlinza izinkomo, ngamamitha angu -3.
b ekuhlinzeni izimvu ngamamitha angu-2.2 usuka emgibeni uya phansi.
Isikhala phakathi komshini nezinsika zomgibe kufanele ngaso sonke isikhathi singavumeli inyama engasikiwe ithinte umshini futhi okungenani siqhele ngemitha elilodwa kusuka odongeni.
Imigibe enamahuka ananyekwe odongeni kufanele iqhele ngo-400mm odongeni kanti inyama echonywe emahukeni akufanele ithinte udonga noma phansi.
Imigibe kufanele okungenani ishiye isikhala esingu-700mm ukuqhela ensikeni, odongeni noma ecaleni lendawo okuhanjwa kuyo lapho kukhishwa khona inyama.
Akuhlinzekwe ngezindawo ezahlukene zokuconsisela igazi nokuhlinza emadeleni uma kunezinhlobo eziningi zezilwane ezihlinzwa ngesikhathi esisodwa.
Ukukalabha izingulube kuhlangene nokuzigeza okwenziwa ngaphambi kokuhlaba kungenziwa kuphela endaweni edalelwe ukukalabha izingulube.
Iziqabetho, indawo yokugaxa nephezulu kanye neminye imishini edingeka ekuhloleni inyama kufanele ifakwe emadeleni.
Kufanele kube neziqabetho ezishaywe uphawu, ezingavuzi nezikhiyekayo noma olunye uhlobo lokulondoloza noma lokugcina impahla engalungile noma engafanele ukudliwa kodwa engakasuswa.
Iziqandisi kufanele zifakelwe ukugcina okungenani umkhiqizo wosuku olulodwa.
b isikhala esingu-330mm kusukela odongeni ezimvini, ezimbuzini nasezingulubeni uma kulengiswe ngokwehlukana ngokunjalo nesikhala esiphakathi kwemigibe emibili elengise inyama engasikiwe.
Izikhala zenyama elengisiwe kufanele zimiswe ngendlela eqikelelisa ukushaya komoya phakathi kwenyama engasikiwe noma emaceleni, okungenani isibalo ngasinye esiphanyekiwe asihlinzekelwe ubude bomgibe obungu-660mm.
c ukuhlanza ngokubilisa amasaha nezinye izikhali zokusika.
Inyama ebomvu yangaphakathi kufanele igezwe ngamanzi ahlanzekile agelezayo, ziphanyekwe emahukeni noma zibekwe ezitsheni bese ziqandiswa esiqandisini sezangaphakathi noma lapho kuhlala khona inyama engakasikwa enokubanda okungekho ngaphansi kwezinga-kubanda elingu-7o C engakapheli amahora angu-16 kodwa asikho isidingo sokuqandisa ngalendlela emadeleni uma ikhishwa ngaso sonke isikhathi ihanjiswa endaweni yokuqandisa. Leyondawo yokuqandisa akufanele iqhele ngendlela eshaya indiva amaqophelo enhlanzeko futhi leyondawo iyomukelwa yisiphathimandla sesifundazwe ngaphansi kombandela wokusetshenziswa komgudu ohlukile ohlinzekelwe ukukhishwa kwenyama.
Inyama ebomvu yangaphakathi akufanele igcinwe noma ithintane nezangaphakathi ezingcolile.
Okunye ukubeka ngokwehlukana, ukusika nokupakisha inyama ebomvu yangaphakathi kumele kwenziwe kwenye indawo noma indlu.
c akuhlinzekwe ngendawo yokugcina impahla enkulu yempahla yokupakisha.
Inyama ebomvu yangaphakathi efakwe emakhathonini akufanele igcinwe esiqandisini esifanayo njengenyama engasikiwe noma engafakiwe ekhathonini.
c ukuphanyeka emahukeni ukuze yome futhi ivuze igazi ngaphambi kokufakwa eziqandisini.
Kufanele kube nemishini ebekelwe ukugeqa nokuhlanza ezangaphakathi kanti umswani kufanele ukhishwe njalo emathunjini nasezithweni ezithintekayo.
kufanele kube nendawo yokulondoloza amasaka ahlanzekile noma izitsha zempahla yosuku uma ezangaphakathi noma amathumbu epakishwe ezitsheni oma emasakeni okulayisha, okufakwa endlini ebandayo noma esiqandisini.
Ezangaphakathi ezigeziwe kufanele zigcinwe esiqandisini esinezinga lokubanda elingekho ngaphansi kuka - 2 o C kodwa asikho isidingo sokuziqandisa ngaphakathi emadeleni uma lenyama ihanjiswa njalo iqonde esikhungweni esineziqandisi ezingaqhelile ngendlela ebeka engcupheni izinga lenhlanzeko futhi lokhu kufanele kwemukelwe yisiphathimandla sesifundazwe.
Inqubo kanjalo nemishini esetshenziswa ekuhlanzeni inyama yangaphakathi kufanele ivunywe yisiphathimandla sesifundazwe.
Kufanele kube nendlu enkulu ehlelwe ngendlela evumela isiqiniseko senhlanzeko nalapho inyama yangaphakathi ingahlanzelwa khona.
kumele kube nezitsha ezehlukile ezisetshenziswa enyameni engakaphalwa naleyo esigeziwe.
Inyama yangaphakathi kufanele isuswe ngemuva kokuhlanzwa.
a zokuphala amanqina ezinkomo, izinhloko namanqina ezimvu; kanjalo b zokukhipha izikhumba, ukususa izinsalela zenyama ezikhumbeni nokuhlahlela izinhloko kanye nokupakisha ngendlela efanele ubuchopho.
b isikhungo sokulondoloza amasaka noma izitsha ezihlanzekile ezilindele ukusebenza ngosuku.
b indawo yokulondoloza amasaka nezitsha ezihlanzekile ezisetshenziswa ngosuku.
Inyama yangaphakathi nenyama egeziwe yenhloko kufanele igcinwe endaweni ebandayo engedluli ku -2 oC kodwa asikho isidingo sokuyiqandisa uma ikhishwa ngaso sonke isikhathi iqonde endaweni yokuqandisa engaqhelile ngendlela ebeka engcupheni izinga lenhlanzeko kanti lokhu kudinga imvume yesiphathimandla sesifundazwe.
Yinyama engasikiwe, ehloliwe nemukelwe engadluliswa ukuba iyosikwa.
c inyama ayizange ihlale endaweni eshisayo kanjalo nokuthi izinga lokubanda lingu-7 kC noma ngaphansi.
Yonke inyama ethulwe ukuba isikwe kufanele iphephe ekonakaleni.
Ayikho inyama enezimpawu zokonakala evunyelwe ukusikwa.
Umpopoli osemthethweni angacela noma ngasiphi isikhathi inyama epakiwe ukuba ivulwe ukuze ayihlole futhi anqume ukuvalwa kabusha kwesitsha esivuliwe noma ikhathoni lenyama.
Konke ukusika, ukusika isingcezu noma ukugaya inyama kufanele kuhlelwe ngendlela eqinisekisa inhlanzeko ngesikhathi sokuqhuba umsebenzi.
Amathambo atholakale ngesikhathi sokusika kufanele asuswe njalo edluliselwe endlini efanele noma esitsheni esihlinzekelwe lomsebenzi.
Inyama etholwe ngokusikwa netholwe ingafanele ukudliwa ngabantu noma yizilwane kufanele iqoqwe ngezitsha noma ngezinsiza ezinophawu olufanele bese zisuswa emagcekeni ngendlela ehambisana neNgxenye-VIII.
d lenqubo yenziwa ngokuhambisana nomkhuba omukelwe yisiphathimandla sesifundazwe.
Impahla yokugoqa akufanele igcinwe endlini yokusikela inyama ngenani elidlula isidingo sosuku futhi kufanele igcinwe noma iphathwe ngendlela ehambisana nesimo sokuyigcina ihlanzekile kuze kufike isikhathi sokusetshenziswa.
Inyama ehleli obala akufanele ihlangane namakhathoni ngaphandle kwesimo lapho kusetshenziswa khona amakhathoni agcotshiwe.
Izinga lomoya wendlu elondoloze inyama esikiwe noma epakiwe kufanele libe ngu-12 oC noma ngaphansi.
Ngesikhathi sokusika, sokugoqa, sokubeka ngezigaba nokupakisha, izinga lokushisa lenyama engelona iqhwa kufanele ligcinwe lingu- 7 oC noma ngaphansi.
Inyama epakishelwe ukugcinwa isaqhwa kufanele igcinwe esiqandisini lingakapheli ihora ipakishiwe. Isiqandisi kufanele sibe namandla okwehlisa izinga lokubanda kwenyama lifinyelele ku -12 oC engakapheli amahora angu-24 bese sikwazi ukugcina lelo zinga noma sehlele ngaphansi kanti inyama esaqhwa akufanele ihanjiswe emazingeni angaphezulu kuka oC.
Inqubo yokuhlanza nokubilisa imishini ephathwayo neminye kufanele ihambisane neNgxenye- II C..
Ukuhlanza nokubiliswa kwezandla neminye imishini kufanele kwenziwe ngesikhathi somsebenzi.
Eminye imisebenzi yenyama kufanele ihambisane nemibandela emiswe yiMibandela yaMagceke Ezokudla ngaphansi koMthetho wezeMpilo.
Zonke izinsiza zokuqandisa, zokwenza saqhwa namakhaza ezithinta inyama kufanele zihambisane nemibandela yezakhiwo zawo wonke amadela eziqukethwe yiNgxenye- II B.
Iziqandisi namakhaza kufanele zifakwe izinkinobho zokulawula ukubanda noma ngesidingo sesiphathimandla sesifundazwe izinkinobho zokulawula amakhaza ezibhala njalo amazinga okubanda ngenhloso yokuveza ngendlela ecacile isimo sokubanda ngaphakathi endlini.
Isiqandisi esisetshenziswa enyameni engasikiwe, ezinhlangothini, ezicutshini ezinkulu kufanele sibe namandla okuletha amakhaza ngendlela engaphazamiseki nekwazi ukubeka inyama kwizinga-qhwa elingu- 7 oC ngaphambi kokuba leyo nyama ihanjiswe.
Inyama esikiwe, inyama engasikiwe, izitho ezithile neyangaphakathi esaqhwa akufanele ikhishwe esiqandisini ngaphambi kokuba ifinyelele kwizinga elingu -12 oC.
a umshini wokudambisa iqhwa eziqandisini nasemakhazeni kufanele ukwazi ukunqanda umthelela wokwakheleka kweqhwa esipilingini sokwakhwa iqhwa nokungaholela ekungalawulekeni kwezinga elifanele lokubanda.
b uma isiqandisi noma amakhaza egcine okwesikhashana inyama ngesikhathi sokudambisa iqhwa, ukudanjiswa kweqhwa esipilingini ngasinye kufanele kuqedwe ngaphambi kwemizuzu engu-30.
c izinsinza zokumunca amanzi aphuma emakhazeni kufanele zihlinzekwe ngokufaka izitsha futhi zichithele endaweni ephansi engaphandle kwendlu noma zithele emgodini wamanzi ngaphandle.
e izinga lokubanda elivamile nelivumelekile ukuba iqalwe ngalo ukufakwa inyama esiqandisini noma emakhazeni.
Inyama kufanele iqandiswe ngokuphanyekwa phezulu ukuze ithole kahle umoya kanti uma ipakishwe ezitsheni, itakwe ngendlela evumela ukungena komoya.
Ayikho inyama eyotakwa ngokubekwa ngqo phansi.
inyama engasikiwe eshisayo akufanele ifakwe emakhazeni anenyama esaqhwa.
a Inyama esikiwe noma engasikiwe engafanele ukudliwa ngabantu noma yizilwane noma engaba nomthelela omubi evunyelwe ukugcinwa esiqandisini noma emakhazeni agcine imikhiqizo edliwayo.
b Inyama engasikiwe noma esikiwe kufanele isuswe ngokushesha uma yonakala ngendlela enqunywe wumpopoli osemthethweni.
Ayikho inyama engasongiwe eyogcinwa esiqandisini noma emakhazeni alondoloze inyama efakwe emakhathonini.
Ezangaphakathi ezingcolile zingagcinwa esiqandisini sesikhashana esinyama engasikiwe, ebombu noma ezangaphakathi ezibomvu ngaphandle uma lemikhiqizo ihlangene nezangaphakathi ezingcolile zigoqiwe futhi zipakishiwe.
Awukho umkhiqizo ongesikho ukudla ngaphandle kwenyama ovunyelwe ukugcinwa esiqandisini noma emakhazeni ngaphandle kwasesiqandisini sesikhashana lapho umpopoli osemthethweni ekhiphe khona imvume yokwenza njalo.
Ukusebenzisa amaqhwa njengesu lokuqandisa emadeleni kuncike ekutholeni imvume yalolu hlelo ekhishwe yisiphathimandla sesifundazwe.
Amaqhwa afakwe emshinini noma ngaphansi kohlelo noma emshinini osetshenziswa ukuqandisa inyama kufanele enziwe ngamanzi ahambayo.
Umshini noma izinhlelo ezithinta ukusetshenziswa kwamaqhwa njengeqhinga lokubandisa inyama kufanele zibunjwe futhi ziqhutshwe ngendlela engaholeli ekuncibilikeni kweqhwa okungaphazamisa kabi umkhiqizo noma izindawo ezakhele.
Imishini esetshenziswa eziqandisini, emakhazeni noma ezindaweni zokubanda ezithintana nenyama kufanele zigcinwe endaweni ehlanzekile nakwisimo esihlanzekile kanti kumele kuhlinzekelwe ukuhlanza nokubilisa imishini nezitsha ngemuva komsebenzi.
Iziqandisi namakhaza kufanele angahlalwa yizinambuzane, ulwembu nezimila ezingamagciwane.
Iziqandisi, amakhaza nendawo yamakhaza kufanele ingasondelwa yiphunga elinganamathela enyameni.
Iziqandisi ezisetshenziswa njalo kufanele zigezwe njalo ngemuva kokukhishwa kwenyama.
Imibhalo yokulawula ukubanda kufanele itholakale uma isiphathimandla sesifundazwe noma sikazwelonke siyicela.
Imoto esetshenziswa ekuthwaleni inyama kufanele ihlangabezane nezidingo ezimiswe kuMbandela wamaGceke Okudla ngaphansi koMthetho Wezempilo.
Ezangaphakathi ezingcolile azifanele ukulayishwa endaweni eyodwa nenyama engasikiwe, nenyama yangaphakathi ebomvu ngaphandle kokuba lezo zitho zihlanziwe, zigcinwe ezitsheni ezivikelwe ezinezivalo ezivale thaqa nezihambisana nemibandela yemishini emiswe kwiNgxenye-II B1.
Ayikho imikhiqizo esemakhathonini eyolayishwa endaweni eyodwa nenyama engafakiwe emakhathonini.
Inyama ebomvu engasikiwe eqandayo, izinto ezithile kufanele ziphanyekwe ukuze zingathini enhlabathini.
Ayikho inyama engasongiwe eyolayishwa ngokubekwa phansi.
Uma efunwa yisiphathimandla sesifundazwe, umshayeli wemoto elayishe inyama kufanele akhiphe igama lakhe, ikheli nemininingwane lapho engathintwa khona umshayeli.
Inyama ebuyiselwa emadeleni noma esikhungweni sasemakhazeni ingemukelwa kuphela ngemuva kokuhlolwa wumpopoli osemthethweni futhi ingahlinzekelwa kuphela ukudliwa ngabantu ngaphansi kwezimo ezihlonzwe ngumpopoli osemthethweni.
Ukulayishwa kwenyama ngabadayisi abangabhalisiwe kufanele kulawulwe ngaphansi kwemigomo emukelwe yisiphathimandla sesifundazwe ngaphandle kokubeka engcupheni amazinga amiselwe ezokuphepha nenhlanzeko.
d amanzi ashisa ngezinga elingama-40°C enzelwe ukugeza izinto ezehlukene.
Umnini wamadela kufanele ahlinzeke ngayo yonke imishini efanele edinga ukugcina inhlanzeko.
f incazelo ephelele ngomsebenzi nohlelo lokuqeqesha abasebenzi abahlanza indawo.
c nezikhathi zokuguquka kwamashifu.
Inhlanzeko kufanele iqale masinyane ngemuva komkhiqizo wosuku noma weshifu kodwa akufanele ukuhlanza kuqale noma yikuphi ngaphambi kokuba yonke inyama nemikhiqizo edliwayo ingakasuswa ukuyivikela ukuba ingonakali.
Ayikho ishifu eyoqala ngaphambi kokuba zonke izindawo, izindlu nemishini ihlanziwe futhi yesulwe ngezibulali-magciwane kanti kudingeka uhlelo olunamandla lokuqaphela isimo ngaphambi kokuqala komkhiqizo ngenhloso yokuqinisekisa inhlanzeko yesikhungo sonke ngaphambi kokuqala komkhiqizo.
Iziqandisi azidingi ukuhlanzwa uma zisagcwele inyama.
Iziqandisi kufanele zikhishwe iqhwa bese zihlanzwa ngokugcwele okungenani kanye ngonyaka noma kuye ngesidingo esibonwe wumpopoli osemthethweni.
e ahlaziye isimo esikhona senhlanzeko yasemadeleni ngendlela ehambisana noHlelo Lokuhlaziywa kweNhlanzeko HMS nokwethula imiphumela esiphathimandleni sesifundazwe ukuze siqinisekise ngendlela nangeziwombe ezifunwa yiso.
c inqubo ebhalwe phansi yokulandelela emukelwe yisiphathimandla sesifundazwe.
g imingcele ekhomba iminyango nendawo yokuphuma emagcekeni.
b imininingwane nolwazi lomsebenzi oluhlangene nokukleliswa kwemishini, isimo sayo, ukulandelana kwezinyathelo, imidati ephathelene nomsebenzi, ukuhanjiswa komkhiqizo, ukwehlukaniswa kwezindawo ezihlanzekile nezingcolile, isimo senhlanzeko endaweni engamadela, imigudu yabasebenzi nemikhuba yenhlanzeko, ukugcinwa komkhiqizo nenqubo yokusabalalisa umkhiqizo.
c isimo esingemukelekile somkhiqizo noma isisi esiyingozi noma umkhiqizo ongathandeki.
ukuthi izinyathelo ezibhaliwe kufanele zilandelwe.
umphathi wenhlanzeko kufanele akhombise ngokusayina zonke izinsuku ebhukwini lomlando efakazela ukuthi isimo silawulekile.
Bonke abantu abangena emadeleni kuhlangene nabaphathi, izivakashi nabasebenzi abagadile kufanele banikwe ngumnini wamadela izimpahla zokuvikela ezihlanzekile ezihambisana nomgonywana 59.
b akathwele igciwane noma akaguliswa yisifo esithathelwanayo.
yonke imibiko yezempilo eqondene nokuhlolwa ngodokotela nesimo sempilo yomzimba kufanele sikwazi ukuyithola isiphathimandla sikazwelonke noma sesifundazwe noma umpopoli osemthethweni.
b abanezinsuku ezintathu noma ngaphezulu begula baletha izitifiketi zikadokotela ezikhomba ukuthi sebelungele ukuthinta ukudla.
Izimpahla zokuvikela kufanele zibe nombala okhanyayo, zihlanzeke, zingadabuki futhi zibe nezigqoko zokuphepha, inethi yokuvikela izinwele nentshebe, izigqoko zokumboza ikhanda namahlombe, amabhuzi amhlophe okuphepha ahambisana nezidingo zenhlanzeko nesivatho samahlombe esingangeni amanzi esivumelana nesimo.
Ekuqaleni kosuku ngalunye noma ishifu, umnini kufanele anike abasebenzi izingubo zokuvikela.
Umnini kufanele aqiniseke ukuthi izingubo zokuvikela zigcinwa futhi ziphathwa ngendlela engavumeli ukuthintana nezimpahla zangasese.
Izimpahla zangasese kufanele zigcinwe ekhabetheni elikhiyekayo elakhelwe izimpahla kuphela.
Izingubo zokuvikela kufanele zishintshwe noma zihlanzwe uma sezingenwe yizinto ezingafanele noma sezingcolile.
Abasebenzi bezindawo ezihlanzekile nezingcolile kufanele bagqoke izimpahla zokuvikela ezicacile ngokwehlukana kwalezi zindawo.
Izimpahla zokuvikela kufanele zivale ngokuphelele yonke impahla yangasese.
Abasebenzi bengashintshela ezingubeni zokuvikela kuphela ezindlini zokushintshela ezifanele kanti izingubo zokuvikela ezisale ezindaweni zokusebenza emadeleni zingabekwa kuphela emgibeni noma ziphanyekwe ezindaweni ezibekelwe lezi zimpahla.
Abasebenzi abavunyelwe ukuhlala noma balale phansi ngezingubo zokuvikela ngesikhathi sekhefu futhi akufanele bagqoke izimpahla zomsebenzi ngaphandle kwamagceke.
Umnini wamadela kufanele ahlinzeke ngendawo yokuwasha izimpahla noma asebenzise esinye futhi abasebenzi akufanele bavunyelwe ukuya emakhaya nezimpahla zomsebenzi.
Konke ukusikeka nokulimala kufanele kuvalwe ngebhandishi elingangeni amanzi, amagilavu epulasitiki noma izivikeli-minwe zenjoloba.
Abasebenzi kufanele babike ngokushesha noma yikuphi ukulimala kumnikazi wamadela.
b bahlambe izandla nezingalo ngoketshezi oluyinsipho ebulala amagciwane namanzi agelezayo uma zingcola noma bephuma endlini yangasese noma bengena endaweni yokusebenza.
Ubucwebe buhlangene nezinto zendabuko akufanele zigqokwe endaweni ephatha imikhiqizo yokudla.
Izinzipho kufanele zigcinwe zincane, zihlanzekile futhi zingenayo ivanishi yezinzipho.
Ukudla, ukuphuza noma ukusebenzisa noma ukubhema akuvunyelwe endaweni okusetshenzwa kuyo ngenyama.
Izidakamizwa, utshwala noma okunye okudakayo akuvunyelwe emagcekeni kanti umuntu odakiwe noma odle izidakamizwa akavunyelwe ukungena esikhungweni esikhiqiza noma esisebenza ngenyama.
Abasebenzi kufanele bagweme izenzo ezingaba nomthelela wokonakalisa noma eziholela ekunukubezeni inyama.
Umnini wamadela kufanele aqeqeshe bonke abasebenzi ngenqubo yenhlanzeko nezindaba zenhlanzeko yomuntu kanjalo agcine umqulu wokuqeqeshwa kwabasebenzi.
i luqine futhi lungabi nemisele phakathi kogqoko oluphezulu noluphansi okungadala ukuchaphazeleka kwesilwane esigcinwe ogqokweni olungaphansi emotweni ethwala phansi naphezulu.
izinto ezihlakazekile ezigcinwe phakathi kwezilwane.
c ngu- 0.4 sq.
d ngu -0.3 sq.
e ngu- 0.4 sq.
f ngu -0.8 sq. m ezingulubeni zolunye uhlobo.
e izilwane ezilimele noma ezingaboni nezijwayelekile.
Umnikazi wemoto kufanele aqikelele ukuthi imoto ethwala izilwane ziya emadeleni igcinwa igeziwe futhi inesimo senhlanzeko.
Izilwane ezifika emadeleni kufanele zethulwe ngokushesha ngabasebenzi abaqeqeshwe ngokufanele.
Izilwane kufanele zethulwe ngendlela engabangi umsindo ukugwema uvalo, ukuphakama kwamaphathu, ukulimala nokwethuka.
Akuvunyelwe ukugqula amankonyane nezingulube ngenduku enogesi.
Akufanele izilwane zibanjwe ngamakhanda, ngesikhumba, ngoboya, ngamadlebe, ngomsila, ngezimpondo noma ngemilenze futhi akufanele izilwane ziphushwe ngenkani ukuba zigxumele phansi lapho zethulwa.
Izilwane kufanele ziphumule emkhombeni wazo ebusuku ngaphambi kokuba zihlatshwe kodwa uma umpopoli osemthethweni eneliswa wukuthi ziphumule ngokwenele, zingahlatshwa ngalo lolosuku, inqobo uma zithole isikhathi esenele sokuphumula esingekho ngaphansi kwehora elilodwa.
Izilwane ezilindele ukuhlatshwa kufanele zigcinwe emikhombeni nasezibayeni.
Imikhombe kufanele ihlanzwe ngemuva kokukhishwa kweqoqo ngalinye lezilwane.
Kufanele kube namanzi ahlanzekile ngaso sonke isikhathi aphuzwa yizilwane ezilindele ukuhlatshwa.
Akufanele izilwane zigcinwe emkhombeni noma esibayeni isikhathi esingaphezulu kwamahora angu 72 kodwa amankonyane nezingulube akwedluli emahoreni angu- 48.
c imijovo nokuhlenga uma kunesidingo.
Izimbuzi amaJudas nezichazwe ngenhla azivunyelwe ukuba zincelise kanti isiphakamiso sithi akusebenze kuqala izilwane ezitheniwe.
Ukunika ukudla izilwane ezigcinwe emikhombeni noma ezibayeni engakapheli amahora angu-24 kulezo ezingetshisi noma engakapheli amahora angama- 48 kulezo ezetshisayo.
Izingulube namankonyane ephusile angaphansi kwezinyanga ezintathu namawundlu angakephusi angaphansi kwezinyanga ezimbili ayohlatshwa emahoreni amabili noma ngaphezulu kufanele anikwe okusanhlamvu uma kuyizingulube, kanti amankonyane ayonikwa ubisi, amawundlu afunzwe ubisi ngebhodlela elifanele noma enye indlela elungele izilwane.
Uma izilwane zinikwa ukudla emkhombeni noma esibayeni, ukudla kungabekwa kuphela esitsheni sesibaya noma esitsheni esifanele.
e izilwane ezinezimpondo ezinde nalezo ezinezimfishane.
Izilwane ezizala emotweni noma esibayeni kufanele zihlaliswe zodwa namankonyane azo ngesikhathi kulindelwe isinqumo sikadokotela esingabandakanya ukususwa kwenkonyane emadeleni noma ukubulawa kwalo ngokulandela indlela emisiwe yokubulala nokuqonda ukuthi izilwane ezizelwe akufanele zibulawe ngaphambi kwezinsuku ezintathu.
Izilwane ezihlezi emikhombeni, ezibayeni nasemihumeni kufanele ziphathwe kahle nangobuntu ngaphandle kokuzishaya noma ukuzithethisa.
Izinduku zokugqula izilwane kufanele zisebenzise ngamabhethiri kanti azivunyelwe uma izilwane sezithatha amagxathu okuhambela.
Izilwane ezilimale ngesikhathi sokuthuthwa, sokwehlisa noma zifakwe esibayeni kufanele zihlatshwe masinyane ukugwema izinhlungu esilwaneni.
Izilwane ezilimele noma ezingakwazi ukuzihambela kufanele zidutshulwe khona lapho, emotweni noma esibayeni bese zihanjiswa endaweni yokuhlinza izilwane ezibulawe ngaphansi kwesimo esiphuthumayo.
Izilwane ezisolwa ngokuguliswa yisifo esiholela enyameni engaphephile ukudliwa ngabantu nezilwane kufanele zigcinwe endaweni yazo zodwa bese kuba nendawo lapho ziyohlolwa khona ngudokotela wezilwane noma umpopoli osemthethweni ukuze akhiphe imvume yokuba zihlatshwe.
Emadeleni, izilwane kufanele ziqulekiswe ngeqhinga lokuqulekisa elichazwe emgomeni-73 ngaphambi kokuba zibulawe ngokudutshulwa.
kuhlinzekwe ngezikali zokuqopha isikhathi namandla ogesi osetshenziswe ngesikhathi sokubulala ukuqinisekisa ukuthi imigomo emiswe ngabakhiqizi besikhali iyalandelwa; noma c elinye iqhinga elivunywe yisiphathimandla sesifundazwe.
Isivinini sokubulala izilwane kufanele silawulwe futhi sinqunywe yizinga lokuhlinza nokuvuziswa kwegazi ezilwaneni.
b umzimba ulaliswe, uma isilwane silethwe silenga ngemuva kokuvuziswa igazi.
Isilwane kufanele sivuziswe igazi ngokunquma isijungu nemithambo yomibili yentamo ngokusebenzisa ummese obukhali kanti ezingulubeni noma ezinkomeni kuyofakwa futhi kulinyazwe umthambo wenhliziyo emsukeni wayo.
kufanele kusebenze ummese ohlanzekile nobilisiwe ekuvuziseni igazi lesilwane ngasinye.
Izilwane zingahlinzwa kuphela ngemuva kokuvuza igazi imizuzu eyisishagalombili ezinkomeni nasemahashini kanti emankonyaneni, ezingulubeni nasezimvini imizuzu eyisithupha.
c bese kubhotshozwa isikhumba ngommese ohlanzekile kodwa akufanele usebenzise ummese kagesi wokuhlinza lapho uqhuba lomsebenzi.
Izitho zesizalo noma enye ingxenye engamiselwe ukudayisa kufanele ithathwe njengempahla yokulahlwa bese ibekwa ezitsheni ezifanele.
Yonke imishini yokuhlinza edibana nenyama kufanele ihlanzwe ngokubiliswa ngemuva kokusetshenziswa esilwaneni ngasinye.
Ngesikhathi sokuhlinzwa kwesikhumba, kufanele kugwenywe ngayo yonke indlela ukuthintana kwenyama nezindonga, iphansi, uboya nemishini engasasebenzi noma impahla.
Ukuphala, ukugeza nomsebenzi owenziwa ngaphambi kokuhlinzwa kwengulube kufanele kuqedwe endaweni yokususa uboya ngaphambi kokwedlulela endaweni yokuhlinzela.
Ukonakala kwesikhumba, inyama noma izitho ezinamathumbu noma umswane noma ubisi ngesikhathi sokuhlinza kufanele kugwenywe, uma kwenzeka kufanele isikwe leyondawo ngaphansi kweso lompopoli osemthethweni kanti akwenele ukuba kususwe ngamanzi kuphela.
Umpopoli wenyama kufanele athole zonke izitho futhi zifane nalapho zidabuka khona.
Asikho isidingo sokuhlanza, sokwesula noma ukomisa isikhumba ngebhulashi, ngendwangu noma ngesinye isikhali.
Amathumbu akufanele akhishwe esiswini ngesikhathi sokuhlinza.
Isisu, amathumbu, upopopo noma inyongo akufanele ivulwe endaweni yokuhlaba kanti inyongo ingasuswa ngaphambi kokuchitheka endaweni yokuhlinza noma endaweni ngemuva kokuhlolwa kwenyama nokwemukelwa kwesibindi ngumpopoli wenyama.
izikhumba zezinkomo noma amahashi amadala edlule ezinyangeni ezintathu nezingulube ezinesisindo esingaphezulu kwamakhilogilemu angu-92 kufanele zihlukaniswe emgogodleni kuphume izinhlangothi ezimbili ngaphambi kokuhlolwa ngumpopoli wenyama.
Isikhumba singagezwa ngamazi agelezayo ngaphansi kompompi ukuze insalelo yamathambo omgogodla ikhuculuke nokugeza igazi ngemuva kokuhlolwa kwenyama.
Akekho umuntu ovunyelwe ukugcoba isikhumba, inyama noma umkhiqizo wenyama ngesibulali-nambuzane noma isibulali-magciwane oqonde ukunqanda ukonakala kwesikhumba, inyama noma umkhiqizo wenyama okuholela ekunqandeni izinambuzane noma yokunqanda ukuqala kwesikhutha noma amagciwane noma enye inhloso. Lokhu kuyosebenza, inqobo uma kungaqondene nento ehambisana nezidingo zoMthetho weZibulali-nambuzane neZimonyo kanye Nemikhiqizo yokudla ka-1972 Umthetho No. 54 ka-1972 futhi ivunywe ngokulandela izinhlelo ezimiswe yisiphathimandla sesifundazwe.
Inyama engasikiwe ephasiswe wumpopoli osemthethweni ingasikwa emadeleni ngemuva noma ngaphambi kokuqandiswa, kodwa ukusikwa okulandelayo kufanele kwenziwe endlini eyakhelwe ukusika.
b emadeleni akhiqiza kancane noma kakhulu kufanele okungenani abe ngumhloli wenyama.
e imithi nokwelapha, uma kwenziwe kanjalo nezikhathi zokukhishwa kwempahla.
Isilwane kufanele sihlolwe ngosuku esifike ngalo emadeleni kanti ukuhlolwa kufanele kuphindwe ngosuku lokuhlaba uma sihlatshwe sekwedlule amahora angu 24 sifikile.
Kufanele kube nenqubo emile yasemadeleni yokwedlulisa ulwazi olutholwe enkanjini lunikwe umpopoli osemthethweni endaweni yokuhlola inyama kanjalo nendlela yokushaya uphawu uhlobo oluthile lwezilwane okuqondene nompopoli obhalisiwe.
Zonke izilwane ezitholwe ngumpopoli osemthethweni ohlola isilwane siphila ngaphansi komgomo-79 kodwa ongesiye udokotela wezilwane nothole isilwane singafanele ukuhlatshwa kufanele zixilongwe ngudokotela wezilwane obhalisiwe.
Uma udokotela wezilwane enquma ukuthi isilwane esichazwe emgonyaneni -1a sibulawe noma sibulawe ngaphansi kwesimo esiphuthumayo, umzimba wesilwane kufanele uhlolwe futhi ngumpopoli wenyama ngaphansi komgomo-107.
d sidle ubuthi.
Akekho umuntu ovunyelwe ukuhlaba isilwane esisondele ekuzaleni noma esizale kade sithuthwa noma enkanjini.
Zonke "izilwane ezifike sezifile" noma "ezifela esibayeni" kufanele zithathwe njengemfuyo engalungile ngokulandela Ingxenye VIII.
Ngaphambi kokuhlahla isilwane ngenhloso yokusilahla noma ukusihlola, kufanele kuthathwe igazi noma amanembe egazi ukuhlola ukuthi asikho yini isifo sombendeni.
Asikho isilwane esifile noma esigulela ukufa esiyofakwa emagcekeni amadela ngaphandle uma siyingxenye yeqoqo lezilwane ezinempilo noma esingakhishwa emagcekeni amadela.
Asikho isidumbu noma ingxenye yaso ethathwa njengefanele ukulahlwa engafakwa engxenyeni ethile yamadela egcine imikhiqizo edliwayo.
Yintando yomnini wamadela ukuhlola isilwane esiphilayo ngaphandle uma umpopoli osemthethweni edinga kanjalo noma kunezinsolo zesifo esilawulwa ngaphansi koMthetho weMpilo Yezilwane ka-2002 Umthetho No. 7 ka-2002 lapho kofanele kwaziswe khona udokotela wezilwane kahulumeni.
Indawo neqhinga lokuhlahla izilwane ezifile ngenhloso yokubeka izikhumba kufanele kwenziwe ngokulandela inqubo evunywe yisiphathimandla sesifundazwe.
Zonke izilwane eziguliswa yisifo esilawulwayo esihlonzwe ngaphansi koMthetho weMpilo Yezilwane ka-2002 (Umthetho No. 7 ka-2002) kufanele zihanjiswe emadeleni ngaphansi kwesembatho "semvume yesiphambano esibomvu" esikhishwe wudokotela wezilwane kahulumeni epulazini ezisuka kulo kanti uma zifika kufanele zemukelwe futhi ngudokotela wezilwane kahulumeni.
Uma isilwane siguliswa noma sisolwa ngesifo esilawulwayo esihlonzwe kuMthetho weMpilo Yezilwane ka-2002 Umthetho No. 7 ka-2002 noma isilwane sihlolwe satholwa nesifo sikambendeni noma se-TB futhi sinophawu C noma T singenayo imvume yesiphambano esibomvu, kufanele kwaziswe ngokushesha udokotela wezilwane eZiko lesiFundazwe: leMisebenzi Yezilwane endaweni eyakhelwe ngamadela.
Uma kwenzeka amadela edalulwa noma echazwa njengendawo engangenwa noma engavunyelwe ngaphansi koMthetho weMpilo Yezilwane ka -2002 Umthetho No. 7 ka- 2002, isiphathimandla sesifundazwe singayalela umnikazi wamadela ahlabe isilwane ngaphansi kwesimo esimiswe yileso sisebenzi.
Izimoto ezithutha izilwane eziguliswa yisifo kufanele zigezwe futhi zikhishwe amagciwane ngendlela enqunywe ngudokotela wezilwane kahulumeni ngaphambi kokushiya emadeleni.
Umpopoli osemthethweni kufanele azijwayeze nezinye izinkombandlela ezikhishwe yisiphathimandla sikazwelonke mayelana nokuhlola izilwane zisaphila.
Isiphathimandla sesifundazwe singanquma isibalo sabapopoli nabahloli benyama abadingeka emadeleni ngemuva kokucubungula uhlobo lwamadela, isibalo sezikhungo zokuhlola, isivinini somugqa izinhlobo ezehlukene nezici eziphathelene nesakhiwo nokuphatha.
Asikho isidumbu, ingxenye yaso, ezangaphakathi ezingcolile noma ezibomvu ezingathengisa noma zihanjiswe emadeleni ngaphandle kokuhlolwa noma ngemvume yompopoli obhalisiwe futhi zishaywe uphawu "IPHASILE" njengoba luhlonzwe kwingxenye- VII.
Lonke ulwazi olufanele oluhlanganisa umlando wesilwane siphila nempilo yaso kufanele kucatshangwe ngesikhathi sokuhlola inyama.
Umuntu akavunyelwe ukususa, ukusika noma ukukhipha amathambo emzimbeni noma enyameni ngaphambi kokuba ihlolwe.
Umuntu akavunyelwe ukususa noma iyiphi inkomba noma ubufakazi begciwane, isimo, ukonakala noma ukungcola ngokugeza, asuse noma aphazamise nganoma iyiphi indlela ingakahlolwa inyama ngaphandle uma lokho kwenziwa ngaphansi kweso lompopoli obhalisiwe wenyama.
Akufanele umantshu noma iqhubu lisuswe esilwaneni ngaphambi kokuhlolwa kwenyama.
Izinhloko, amanqina, ezangaphakathi ezingcolile nenyama ebomvu kufanele ihlale eduzane nomzimba walapho ziphuma khona ize ihlolwe inyama.
Noma yisiphi isidumbu noma inyama engafanele ukudliwa ngabantu noma yizilwane ngokubona kompopoli obhalisiwe, kufanele siboshwe ukuze sihlolwe okwesibili ngumpopoli.
l ubudala nobulili besilwane.
e izinso ngokuzibuka noma ngokuzigcaba, uma sikhona isidingo agcabe i-Lnn. renalis.
Izimbambo nomgogodla kufanele kuhlolwe esidunjini esihlahlwe phakathi nendawo.
b i-M. masseter, ngokushaya izingcabo ezimbili eziqondene nomhlathi, kanti ngaphakathi engashaya uhlanga olulodwa olujulile.
Umpopoli osemthethweni kufanele aqaphe isikhumba esikhumbeni senhloko yenkomo, izindevu, ngaphakathi emhlathini, amehlo namakhala.
Ngemuva kokuhlola, amathansela kufanele akhishwe njengengxenye yenqubo yokuhlaba isilwane bese eyalahlwa.
Amanqina kufanele ahlolwe ngokubukwa.
m ngokubuka isizalo.
c ngokubuka isisu namapatshaza asemzimbeni noma awagcabe kaningana.
l ubudala nobulili besilwane lapho kuthathwe khona isitho.
e ngokuhlola izicubu zomminzo.
Umpopoli osemthethweni kufanele axilonge inhloko, uma kudingekile, ahlole umphimbo, umlomo, ulimi nemihlathi futhi agcabe ngendlela efanele.
Amanqina kufanele ahlolwe ngokubukwa.
i ngokubuka izitho zangasese.
c okuphathelene nesisu namaqhubu abonakalayo.
l ubudala nobulili besilwane lapho kuthathwe khona isitho.
f umsila, uma kukhona izimpawu zokulunywa komsila, umzimba kufanele udatshulwe phakathi ukuze ahlole umgogodla.
b ngokugcaba imisipha avundle nesicubu somsipha. Noma zingegcatshwe izingulube ezinamakhilogilemu aphakathi ku- 54 no- 92, inqobo uma zihlolwe inhliziyo.
Uma umzimba wesilwane uhlahlwe phakathi, engahlola izimbambo nomgogodla.
b ngokugcaba ingaphandle lemihlathi, ayigcabe ngokujulile ehle nayo.
Umpopoli osemthethweni kufanele axilonge ulimi, isikhumba, izindevu, uqwanga, amehlo nempumulo.
l ngokubuka isizalo.
c okuphathelene nesisu noma amaqhubu abonakalayo.
Umzimba kufanele uhlahlwe phakathi bese uhlolwa izimbambo, iqolo nomgogodla.
c abheke isikhumba, izindebe, ulwanga, amehlo nempumulo.
Amanqina kufanele ahlolwe ngokuxilongwa.
b ingaphakathi lesisu namathumbu kanjalo nomhlwehlwe.
Umzimba wesilwane, inhloko noma inyama ebomvu yangaphakathi etholakale ingenwa ngamagciwane, aphilayo noma asaqubile kufanele igcinwe yodwa kanti ezinkomeni nasengulubeni kufanele inyama iphinde igcatshwe emsipheni eduzane nendawo egcatshwe kuyo phambilini.
Uma isigaba esisodwa noma ngaphezulu sokungenisa kwegciwane sitholwa kaningi endaweni egcatshiwe, kufanele lowo mzimba wesilwane ulahlwe.
Uma amagciwane noma izilwane ziningi kakhulu, umzimba nezitho zingaphasiswa kuphela uma zilashwa ngendlela echazwe ngezansi.
Umzimba wesilwane ophasiswe ngaphansi komgomo kufanele waziwe ngophawu loyinki obomvu oshaywe kulo lonke uhlangothi nombhalo othi "M" ogqame ngobude obungu 2 cm noma ngaphezulu.
Zonke izingxenye zomzimba okufanele zilashwe kufanele ziqagulwe ngesigqebhezi esithi "M".
izinga lokubanda lenyama engaphakathi emakhazeni kufanele libe ngaphansi kuka-6 -C ngaphambi kokuba idedelwe ngumpopoli osemthethweni.
e lapho izingxenye ziyofakwa khona emashalofini amakhaza ngendlela enqunywe yinqubo yesiphathimandla sesifundazwe.
Izigaba ezibonakalayo zokungena kwamagciwane kufanele zisuswe enyameni ephasiswe okwesikhashana bese yelashwa ngendlela echazwe ngenhla.
Imibhalo yamazinga amisiwe okubanda, amazinga okubanda kweziqandisi nenqwaba yezitsha zokuphatha, imizimba nezitho ezifakwe eziqandisini ngenhloso yokuba ziqandiswe kufanele igcinwe ngumnikazi wamadela okungenani izinyanga eziyisithupha futhi akwazi ukuzithola umpopoli lapho ezifuna.
Imizimba yezilwane esolekayo etholwe ngesikhathi sokuhlola okokuqala ngokulandisa kweNgxenyana B kufanele ishaywe uphawu oluthi "igcinwa yodwa" futhi kufanele ihlolwe okwesibili ngumpopoli osemthethweni ongudokotela wezilwane.
e isinqumo nesizathu sokukhuthaza, uma sikhona.
d ingalahlwa yonke.
Uma ungaphasiswanga umzimba, umnini wamadela engacela isitifiketi esibhaliwe.
c isimo samajaqaba noma iphunga elingajwayelekile nombala womzimba.
Uma efuna udokotela wezilwane, umzimba noma inyama kufanele ifakwe elabholethi ukuze ihlolwe okokugcina.
Umphumela wokuhlola okwenziwa ngesikhathi siphila isilwane, ukuhlola inyama okokuqala nokulandelayo kufanele kubhalwe, uma kutholakala isifo sezilwane noma esilawulwayo esihlonzwe ngaphansi koMthetho Wezifo Zezilwane ka-1984 (Umthetho No. 35 ka-1984), kufanele udokotela wezilwane aziswe ngosuku okuhlatshwe ngalo isilwane.
Umpopoli osemthethweni ongudokotela wezilwane kufanele ejwayele zonke izinkombandlela ezikhishwe yisiphathimandla sikazwelonke mayelana nokuhlola inyama okulandelayo.
b uma efunwa yisiphathimandla sikazwelonke, Isitifiketi Senyama Ebomvu esemukelwe yisiphathimandla sikazwelonke futhi esihlonishwa wuMkhandlu Wamazinga Emfundo waseNingizimu Afrika SAQA.
Abantu abahlonzwe yisigaba-11(l)(c) soMthetho abafuna ukuphakela ngomsebenzi wokuhlola inyama kufanele babhalise nesiphathimandla sesifundazwe ukuze benze lemisebenzi emadeleni athile.
Zonke izigxivizo noma izigxivizo ezinamasondo ezisetshenziswa ekushayeni uphawu emzimbeni noma enyameni kufanele zakhiwe ngempahla engenabo ubuthi noma egqwalayo futhi kufanele zakhelwe ukugezeka kalula.
b umbhalo okhonjiswe wumgonyana-2 okufanele ubhalwe okungenani ngezilimi ezimbili ezisemthethweni, olunye lwazo kufanele lube yisiNgisi.
Isigxivizo akufanele sibe ngaphansi kuka-60 mm kulezo eziyindilinga ezikhonjiswe emgonyaneni 2.
Amagama asesigxivizweni kufanele afundeke kalula futhi engabi ngaphansi kuka 8mm ukuphakama.
Izimpawu ezibhalwe empahleni yokugoqa zingaba ngaphansi kobukhulu obuchazwe wumgonyana 4 noma 5 ukuhlangabezana nesimo esithile, inqobo uma sivunywe yisiphathimandla sesifundazwe.
Uyinki obubende ufuneka ezigxivizweni ezishaywe enyameni futhi kufanele sakhiwe ngengxube edliwayo emukelwe ngaphansi koMthetho Wokudla, Izimonyo Nezibulala-magciwane ka-1972 Umthetho No. 54 ka-1972.
b enhloko yenkonyana, yenkomo nehhashi, uma sisusiwe isikhumba.
Ngaphezulu komgomo-112, umnini wamadela engasebenzisa uphawu lwesondo enyameni ebomvu uma lolo phawu luqukethe amagama nenombolo echazwe wumgomo-112 , inqobo uma lolo phawu lwesondo lusetshenziswa kuphela emadeleni adinga ukwehlukanisa inyama ngezigaba.
b zixube ulwazi olufunwa wumgomo-1123 kanjalo nolunye ulwazi olufunwa yisiphathimandla sesifundazwe.
Uma umkhiqizo ugoqwa ngamunye, impahla egunyaziwe yokugoqa ukudla enanyathiselwe uphawu lwemvume noma isigqebhezi kufanele isetshenziswe kanti iphepha noma ipulasitiki elinophawu lwemvume ayivunyelwe ukuphinda isetshenziswe ngemuva kokuxetshulwa.
Esiwombeni sokugoqa impahla enkulu, izitsha noma amakhathoni kufanele ashaywe ngophawu olucacile lwemvume ebonakala ngokusobala futhi ebhalwe ngokugqamile.
Isitsha kufanele sibe nezimpawu ezicacile nhlangothi zombili zolwazi olufunwa wuMthetho Wamaqophelo Emikhiqizo Yezolimo ka-1990 Umthetho No.
e imiyalelo ekhomba izinga lokubanda okuyogcinwa ngalo umkhiqizo.
isigxivizo semvume akufanele nakancane sisetshenziswe emadeleni uma inombolo yamadela ihlukile enombolweni yesigxivizo.
Izigxivizo nomshini onesondo oshaya uphawu kufanele ugezwe futhi ubiliswe njalo ngemuva kokusebenza.
Yonke imishini yokushaya uphawu kufanele igcinwe ihlanzekile, ingabekwa phansi noma endaweni engcolile.
Izimpawu kufanele zishaywe ngendlela ebonakalayo esikhumbeni noma enyameni.
Akekho ovunyelwe ukubeka isigxivizo semvume noma ukususa lolo phawu esikhumbeni, engxenyeni noma empahleni yokusonga, yokupakisha noma esitsheni ngaphandle uma egadwe wumpopoli osemthethweni.
Umpopoli osemthethweni engahlola kabusha umzimba noma inyama esemadeleni noma ngasiphi isikhathi, akukhathalekile ukuthi umzimba noma inyama kade iphasisiwe, uma ethola noma enombono wokuthi ayisalungele ukudliwa ngabantu noma yizilwane, umpopoli engasusa isigxivizo semvume ngokuxebula noma ngokusika umbhalo bese inyama ithathwa njengento engalungile.
c isuswe emadeleni ekupheleni kosuku lomsebenzi noma ilondolozwe emakhazeni noma esiqandisini salokhu esibanda ngo- 2 C noma ngaphansi kwalokhu.
Akekho umuntu ongasusa umzimba, ingxenye yawo noma umkhiqizo odliwayo okade ugodliwe noma olahlwe emadeleni ngaphandle kwemvume yompopoli osemthethweni ongudokotela wezilwane, naphansi kwesimo esilawulwe nguye.
Umnini wamadela unesibophezelo sokulandela imibandela yomthetho noma izimo eziphathelene nokuphepha nokulahlwa komzimba, ingxenye yawo noma umkhiqizo odliwayo ongafanele ukudliwa ngabantu noma yizilwane.
c esikhungweni esibhaliselwe lokhu.
Imboni yokuhlanza impahla ngokuyibilisa kufanele ihambisane nemibandela evamile yamagceke, yesakhiwo nemishini emiswe emigomeni-8 kuya-18 esebenza nezinguquko ezifanele.
b nezindawo ezihlanzekile ezihlanganisa izindlu zokomisa, ukuhlanza noma ukupakisha, ukulondoloza noma ukukhipha impahla esibilisiwe.
Kufanele kube nodonga oluqinile lokwehlukanisa izindawo ezihlanzekile nezingcolile futhi akufanele kube nokuxhumana phakathi kwalezi zindawo ezimbili.
Impahla ephuma esilwaneni ingemukelwa kuphela endaweni engcolile embonini yokuhlanza impahla ngokuyibilisa kanti ayikho impahla enjena eyosuswa kulendawo ngaphandle kokulandela inqubo yokuhlanzwa ngomshini obilisa impahla.
Obhavu bezinyawo abafakwe izibulala-magciwane kufanele babe khona endaweni yokuphuma kanjalo nobhavu owenzelwe ukugeza amasondo ezimoto, lokhu kufanele kwenziwe endaweni engcolile yokwemukela impahla.
Indawo ephansi, izindonga nemishini esendaweni engcolile ngaphakathi embonini yokubilisa kufanele ihlanzwe zonke izinsuku ngemuva kokuphela komsebenzi.
c bashintshe izingubo ezingcolile zomsebenzi nezicathulo bese begeza ngamanzi anensipho ngaphambi kokuphuma emagcekeni.
Umuntu ongena endaweni engcolile akufanele angene kwehlanzekile noma kwenye indawo okuphathwa kuyo imikhiqizo edliwayo emadeleni ngaphambi kokuba ageze futhi ashintshe ngendlela ehlonzwe wumgonyana 4 c.
Akekho ovunyelwe ukudayisa imikhiqizo yemboni ebilisa impahla ngaphandle kokuhambisana nemigomo emiswe nguNobhala ngendlela elandela Umthetho Wemithi yeZolimo neMfuyo, Umanyolo noKudla Kwemfuyo ka-1947 (Umthetho No. 36 ka 1947).
Impahla ekhiqizwe ngokwelapha ngaphansi kwemigomo yaleNgxenye futhi eqonde ukudliwa yizilwane noma yenziwe umanyolo kufanele ihlolwe futhi ivivinywe ngendlela enqunywa nguNobhala.
Imoto esetshenziswa ekuthutheni impahla engalungile akufanele isetshenziselwe okunye kodwa ngemuva kokugezwa nokufuthwa ngezibulala-magciwane, imoto ingasetshenziswa ukuthutha impahla engadliwa.
c iphansi lakhelwe umgudu wokumunca noma wokukhipha amanzi nesivalo noma nompompi ovalekayo.
Isikhala sokulayisha emotweni esetshenziswa ekuthutheni impahla iqonde esikhungweni sokubilisa impahla namathuluzi kufanele sihlanzwe futhi sifuthwe ngesibulala-magciwane ngendlela enelisa umpopoli osemthethweni ngemuva komthwalo ngamunye endaweni eyakhelwe lokhu.
d inhloso yokuqoqa ulwazi; kanye e nendlela impahla eyolahlwa ngayo ngemuva kokusebenza, uma sikhona isidingo.
Imvume yomnini wesikhungo ifunelwa amalungiselelo okuqoqa izibonelo.
Inyama ingathunyelwa ngamadela noma yisikhungo esikhiqizayo kwelinye izwe kuphela uma lawo madela ekleliswe njengakhiqiza kakhulu uthi ebhaliswe ngengesikhungo sokuthumela kwamanye amazwe.
Umnini ofuna ukuthumela inyama kwamanye amazwe kufanele afake isicelo sokubhalisa amadela noma isikhungo sakhe njengendawo ethumela kwamanye amazwe, imvume iyokhishwa yisiphathimandla sikazwelonke.
Inyama ehlose ukuthunyelwa kwamanye amazwe kufanele ishaywe uphawu oluhambisana nemibandela yezwe elithunyelwa inyama.
Izitsha ezithwala inyama ethunyelwa kwamanye amazwe kufanele zivalwe ngengcina enombhalo ohlukile ngesikhathi ilayishwa inyama.
Indlela okufanele isicelo semvume yokuthenga kwamanye amazwe okufanele sidwetshwe ngayo yilowo ofaka isicelo ifana nokugcwalisa ifomu esemthethweni etholakala kwisiphathimandla sikazwelonke nokubuyisela kuso leso sicelo uma sesigcwalisiwe.
b Noma ngubani othula ngamabomu ulwazi olungamanga efomini yesicelo semvume yokuthenga inyama kwelinye izwe uyoba necala futhi engathola isijezo senhlawulo ephawulwe esigabeni- 223 soMthetho.
c yonke imibhalo eqondene nomthwalo kufanele igcinwe ngumnini wamakhaza lapho iyohlolwa khona yisiphathimandla sikazwelonke.
g ukuqhuba ezinye izenzo ezisemqoka zokuqinisekisa ukuthi inyama iphephile futhi ifanele ukudliwa ngabantu futhi ayinabungozi bokwedlulisa isifo sezilwane esithathelwanayo.
c enelungelo lokulawula, lokuphatha noma lokusebenzisa indawo.
Eminye imibandela elawula ukugcina nokuhlaba izilwane okuqondwe emgonyaneni 2 kufanele ilandelwe ngaphezulu kwemibandela yoMthetho nale Migomo.
Yizilwane ezinempilo kuphela ezingahlatshwa.
Izitho zezilwane ezihlatshiwe nezingasetshenziswa kufanele zithathwe njengempahla yokulahlwa, zibhujiswe ngokulandela izimiso zeNgxenye-VIII yalemigomo noma imibandela yezempilo yomkhandlu wendawo othintekayo.
b onolwazi olufanele, umzimba nemishini efanele yokukhipha igazi esilwaneni ngendlela enobuntu.
c aqinisekise ukuthi yizilwane ezinempilo kuphela ezihlatshwayo.
Izitho zezilwane ezihlatshiwe ezingasebenzi kufanele zithathwe njengempahla yokulahlwa okufanele ibhujiswe ngokuhambisana nezimiso zeNgxenye-VIII yalemigomo noma ngokulandela imibandela yezempilo yomkhandlu wendawo othintekayo.
Inyama etholwe esilwaneni esihlatshwe ngaphansi kwalo mgomo ingasatshalaliswa kuphela ngendlela elandiswe kuMthetho wamaSulumani.
Eminye imigomo elawula ukugcina nokuhlaba izilwane emhlabeni ochazwe kumgonyana- 2b kufanele ilandelwe ngaphezulu kwemibandela yoMthetho naleMigomo.
c aqikelele ukuthi yizilwane ezinempilo kuphela ezihlatshwayo.
Izitho zezilwane ezingasebenzi kufanele zithathwe njengempahla yokulahlwa futhi zibhujiswe ngokulandela izimiso zeNgxenye VIII noma ngokulandela imibandela yezempilo yomkhandlu wendawo othintekayo.
Noma yimiphi eminye imibandela yomthetho elawula ukugcina nokuhlaba izilwane emhlabeni oqondwe kumgonyana 1b kufanele ilandelwe ngaphezulu kwemibandela yoMthetho naleMigomo.
b enolwazi nekhono lokusebenzisa isikhungo esifunwayo nesemukelwe ukuqhuba umcimbi wokubulala isilwane ngendlela enobuntu.
b afake isicelo sokwedlulisa udaba kuNgqongqoshe kazwelonke noma wesiFundazwe zingakapheli izinsuku ezingu -30 azisiwe ngesinqumo.
c afake imali ehambisana nesicelo echazwe kuThebula-1.
Lemigomo ibizwa ngeMigomo Yenyama Ebomvu ka -2004.
